Alimbongelanga uTshatha Igcokama

nj

Zadumelana. Ithanda ukudlondlobala eyeGcokama noTshatha. Indaba yoniwa ilona kanye Igcokama kule album yalo yokugcina la elavele lahliphiza kwasani ngomtalabho.

 

UNgizwe waluzwa uswazi, uKhuzani, uTshatha nabanye abaningi. Osekwazile ukuziphindiselela uTshatha umfoka Ngobe ovele wavala umlomo waphika ngokuthi ngeke ayidlale nhlobo ingoma

 

yeGcokama ohlelweni luka Sgiya ngengoma. Kwenzekile ke mhlaka 14 March 2020 uTshatha wawina izindondo ezimbili kowama DStv Viewers Awards umfoka Ngobe wabuya nezindondo ezimbili.

 

Abaningi abaculi bakaMaskandi ikakhulu laba abadumile bazwakalise amazwi okumbongela nokubonga abathandi bomculo nabathandi bezinhlelo zokhozi akasakaza kuzo uTshatha.

 

Alizange lizihluphe nakanye Igcokama njengoba ligcine ngokubongela uzakwabo uNtencane osanda kuhlomula ngokunqamula unyaka ngengoma yakhe emnandi kakhulu ethi ‘Wawuthembeni.’

 

Akwaziwa mbhantshi kujiya ke njengoba kusondela amaholidi ePhasika nje lizongena estudio gcokama. Abaningi abathandi bomculo babheke ukuzwa ukuthi akhona yini amagama ashisayo elizowabhekisa kuTshatha njengoba impi yabo ikhula nje.

 

Abathandi bomculo ezinkundleni zokuxhumana abawuvali umlomo ngokungadlalwa kwale nsizwa ehleli phezulu ngokuthandwa ibangisana nembangi yayo uKhuzani, obukeka eyintandokazi kaTshatha.