Ziyamnetha uMshovo umfoka Gazu. Zimnetha kabi ngoba zimnetha nje, akaphethe umbrella. "Uvumelani ukwenziwa Igcokama isilima? Uvumeleni ukuthi kuyoshuthwa kini kanti izindlu ezodaka awakhile nkunzi? Udume kahle kofacebook uyinsizwa egezayo eswenkayo egqoka kahle izimpahla ezibizayo kanti ekhaya akukuhle neze." Kusho izikumbi zabalandeli abebebukela iShow yeGcokama ethuse abaningi kuvela izindlu zodaka.
Kuye kwananela inkosi yamagidangoma uThibela umfoka Mpungose emtalabha bukhoma uMshovo ethi kodwa amahlazo angaka awani endodeni. Akunanike uma lempi isiphakathi kwamagidasong ngoba kukhomba ukuthi sothola omunye umtalabho mhla baphuma amanxiwa kwezomculo, mangabe bayophuma ngoba ngathi kudleka kahle emakhaya amakhulu, sengisho kwiGcokama nakuKhuzani.
Nakuba kunjalo, zimnetha izimvula umfoka Gazu basalokhu bemeseke njalo abathandi bomculo weGcokama. "Thula uthi wena mntakababa uqhubeke nesphiwo sakho wenze into owayizela emculweni. Kumele bekhumbule laba ukuthi akuwona umuzi wakho loyana kusekhaya kini. Kuyohlezi kusekhaya ndoda, noma ngabe izindlu ezodaka kodwa khona kusekhaya lapho." Kubeka abalandeli beqinisa idolo endodeni.