Basho ngazwi linye bonke oMaskandi bathi uhambo oluhle wena wakoKhuba. Insizwa yaseMandaba isuse omkhulu umsindo isendela uNgizwe Mchunu izithombe zayo ivalelisa ithi bhabhay Macingwane usuyosala uhlanganisa lapho ndoda mina ngisayomela uMaskandi emazweni aphesheya. Akumthathanga sigamu samzuzu umfoka Macingwane ovele wasenda i-VN ethuka le ndoda ebivalelisa ngokweyisa kuyona.
"Dotimuni lona, masimbamani lawa ongisendela wona wemkhaya. Ngalolo hambo lwaphesheya walwazi ngami ukube ngangingekho mina ngabe awazi kwabhanoyi lelo. Wazini ngokundiza wena? Ungaphinde ungisendele umsangano mina yezwa." Kuthetha Ichunu lidinwe liganwe unwabu. Kube sekunanela Igalofu elisha elingomunye wabaculi abafika endimeni lawunyakazisa wonke uMaskandi.
"Kwase kuvelile okufana nawe, ngizwa kuthiwa awufuni nakukubona mnganwami kuthi zibulalale." Amazwi kaKhuzani etalabha Igcokama ngeGcokama elisha elifana nse neGcokama elidala. Le nsizwa engankinga nokufana neGcokama imfiselile uhambo oluhle uKhuzani. "Uhambe kahle mfoka Mpungose uyosimela singuMaskandi emazweni aphesheya." Kubeka Igalofu.