Goto News >
Search..

Goto News
Ukhala ngendoda eqola abantu ngegama lakhe

Sombamba simnqume ukhanda lakhe. Niwuhlabe niwulawule ngane zakwethu. Indoda thizeni ithole inombolo yomculi wodumo omele uMaskandi emazweni amahle phesheya kwezilwandle. Le nombolo ithi 0722228822, iphethwe isiphukuphuku sendoda esihamba iqola abantu izimali izibiza ngoKhuzani.


"Isimemezelo, niwuhlabe niwulawule. Sengithole umbiko ovela kuKhuzani njengoba esazihlalele kamnandi emazweni aphesheya. Kunomgulukudu osuqhwage inumber yakhe uhamba ucela izimali kubantu. Ngebhadi ubusufikile nakimi wacela R5000 kwasho ukuthi ubesengithintile uMpungose ngalolu daba. Amakhasi kaKhuzani kaFacebook noinstagram awakabikuye njengamanje uzonazisa kodwa uma esekuye." Kuchaza uNjoko ethunyelwe uKhuzani.