Goto News >
Search..

Goto News
Mgiliji | “Anenkani Amabutho uma ephethe izinduku”

Le nsizwa yakubeka ngembaba ukuthi icorona ingamane ibuyele la eyavela khona uma kuya ngokuthi izophazamisa amabutho ekuthenini aphelezele inkosi yawo iybekwa endlini yokugcina. Ekhuluma nabezindaba ngemumva kokufihlwa kweSilo uthe ngeke uwenze lo msebenzi uma unganikwanga uMdali phezulu emazulwini. Uthe uma futhi untekenteke ngeke uwalawule amabutho ngoba anamakhanda aqinile uma esephethe izinduku.


"Ngeke uwenze wena lo msebenzi." Kusho uMgiliji ekhomba intatheli. "Uyabona khona uma ibutho like ladla intelezi, khohlwake ngeke usalilawula uma uJehova engakunikanga amandla okuhola abantu. Mina lo msebenzi ngawunikwa ngeminyaka yama-1980 nginikwa Isilo. Kumanje kukhona ngisho amabutho aphesheya kwezilwandle. Ngisebenzisana nezinduna kanye namakhosi abika kimina, kanti mina ngibika kuMntwana uMangosuthu Buthelezi."

"Ekukhuleni kwami ngangingakaze ngiziphuphe ngimi phambi kwamabutho ngiwahola kodwa ngomsebenzi kaThixo buka manje ezindongeni zezindlu zami kugcwele izithombe zami ngihamba koNgilande nakoWales ngihola wona njalo amabutho." Kuqhuba uMgiliji.


Ebuzwa ngombhalo otrendayo la akathi khona wasiqeda yena isikole uthe vele wasiqeda yena. "Ngiyaphinda futhi ngithi abangaqedanga ilaba ababelokhu bephoqa ukufika ku-10 kodwa bebona kahle ukuthi akufikeki. So mina ngathatha isinqumo esihle kabi ngokushiya phansi ebangeni engashiya kulo olaziyo nawe kumanje. Ngisezinhlelweni zokubuyela phesheya emangisini ngiyolanda izizenze ezathathwa amangisi ngempi yaseSandlwana."