Goto News >
Search..

Goto News
Uphahlaze ifoni yekhasimende liqeda kumushutha nowesifazane

Kubikwa ukuthi uNgizwe Mchunu ubebizwe umngani wakhe uMthandeni iGcokamelisha Manqele bese ndaweni yokucima ukoma ebizwa ngokuthi iMGZ Lifestyle eManguza nokuyilapho iGcokamelisha ebelizovula khona ibhulentshe noma igantsha elisha leRed Nation noma labalandeli balo.


UNgizwe Mchunu ubesemotweni yakhe ezihlalele nentombazanyana-nje engadume ngalutho bezincokolela kukuhle kumnandi bemamatheka nokuyilapho okuqamuke khona ikhasimende laseMGZ Lifestyle elithe uma libabona behleli kamnandi labe selikhipha ifoni yalo labashutha nokuyilapha avule khona umnyango wemoto ngokukhulu ukushesha uNgizwe wahlwitha ifoni wayishaya phansi yafa.

Emva kokuba eyiphahlaze phansi uNgizwe lefoni kube sekusuka isixakaxaka somsindo omkhulu kwazise lensizwa ebulawele ifoni ibingahambi kodwa ibihamba neqeqebana lezinsizwa nokuyizona ebese zingabambeki zisho ukumqeda uMacingwana kodwa yena uphike wema ngentaba uNgizwe wathi angeke ayikhokhe yena leyofoni kwaze kwaphoqa ukuthi kungenelele umphathi walelishibhi wathe uzoyikhokha yena lefoni ngenhloso yokuqeda umsindo nangempela zabe sezehlela ngezansi lezinsizwa waphela lomsindo nobusuyisiphazamiso kuwo wonke umuntu obekhona.