Goto News >
Search..

Goto News
Lizolibhula ihawu Igeza lakwaMgube

Konakele mhlaka 1 December 2020. Inkosi yomtalabho eyaduma kakhulu italabha Igcokama elisha ithi lishaya nge 9mm izodedela icwecwe elisha elinomunye umtalabho onzima kakhulu.


Le nsizwa yatalabha uNgizwe Mchunu neGcokama kwashuba endimeni yomculo kaMaskandi. Namanje abasakhoni ukulinda abathandi bomculo ngoba bayazi ukuthi kusazoshuba.


"Ngiyezwa nithi nilinde amaqhawe enu azokhipha mhlaka 27 amanye mhlaka 28. Mina ngilinde Igeza lakwaMgube okunguyena umculi osathi uma ecula ngiyizwe into akayiculayo."

"Ngizwa ngishawa uvalo uma ngicabanga into ezokwenzeka kule CD yakhe ezayo ngoba izovele igqibe onke azobe ephume mhlaka 27 nango mhlaka 28, phela inkunzi leyana." Kusho uManzezulu umfoka Mhlongo kwaNgono.


Ukhulume nabezindaba umfoka Mgube wathi ubunsizwa busegazini kuyena. "Umtalabho into engingasoze ngayiyeka leyo. Ngikholwa ukuthi umculo kaMaskandi ungumculo wezinsizwa. Kula sibuveza khona ubunsizwa bethu ngoba saqhathwa thina." Kubeka Igeza lakwaMgube inkosi yomtalabho.