Ngezinsuku zokugcina, uvele wafuxaza kabuhlungu inkolo yoFakazi bakaJehova uSimosenkosi Tshathugodo Ngobe ongumsakazi ongaconsi phansi oKhozini FM. Ubeseneminyaka eminingi kakhulu ekhonza kulelisonto umfoka Ngobe, nosekuthe ngosuku lwakhe lokuzalwa wadalula ukuthi ukhathele ukuthathelwa izinqumo abantu usefuna ukuphila ngokubhalwe ebhayibhelini.
"Yebo ngiyambonga uJesu Christ oyinkosi nomsindisi osengimbulele ngagcina ngilibona iqiniso okumele ngabe kade ngalibona. Selokhu ngangena kuleya nkolo angikaze ngilubungaze usuku lwami lokuzalwa. Sengawapheqa amaningi amakhasi ebhayibheli azange ngibone la kubhalwe khona ukuthi kuphambene nomthetho ukubungaza usuku lokuzalwa."
"Ngiyaqala ngqa ukubungaza usuku lwami lokuzalwa. Yingakho senfithathe isinqumo sokufuxaza leya nkolo. Akusekho futhi akusophinde kubekhona okuyongihlanganisa naleya nkolo. NgingokaJesu mina angiyena owamandla omthetho." Kubeka uTshatha oqhube wathi ibimphatha kabi kakhulu lento yokuthi bengavumi abungaze usuku lwakhe lokuzalwa.
Umfoka Ngobe ukhombise ngokusobala ukuthi uyaligxeka leliya sonto futhi akasafuni lutho oluyophinde lumhlanganise nalo. Uthi usezogxila kulokhu akufundiswa ibhayibheli yena ahlukane nokutshelwa abantu abathi baphethe amabandla ekubeni beshayela izingane zabantu imithetho engekho encwadini engcwele.