Awuphethanga kahle umbango wengoma yodumo sonke ebesazi ukuthi ekaMdumazi. Kuvumbuke uNjoko esikhaleni wathi le ngoma eyakhe. Akagcinanga ngokusho kodwa uvele wayidedela wayifaka kuma digital stores maqede wathi abathumelane ngayo mahhala.
Ekuzwa lokho uMdumazi kumphoqile ukuthi naye avele ayidedele ngoba vele isimoshakele. Akuhlalanga kahle kubathandi bomculo ngoba bese bebona ukuthi iyona esiyongena ngayo ku-2021.
"Ngibone kungcono ukuthi ngivele ngibaphe yona le National Anthem esidume ngisho kubasakazi abathandi bomculo ngoba vele isikuphindile lokho Inkandla, kazi yangifunani." Kusho uMdumazi.
Kumanje iyatholakala ezindaweni eziningi kanti nasenduneni yami iyatholakala ngowhatsapp. Umsebenzi wonke ophelele uzotholakala mhlaka 28, 29 and 30 November ezindaweni eziningi ezahlukene abazaziyo abathandi bomculo."
Kuvele kwaba muncu ezinkundleni zokuxhumana ngoba le ngoma ibisidume kakhulu kwaziwa ukuthi ekaMdumazi. Ukuvela kwayo isivela ngoNjoko naye osematheni kulezinsuku oxabana nabaculi abaningi kube kubi kakhulu.
"Ifunake sekunjena ke iVAR kuMaskandi." Kusho umlandeli obediniwe isenzo sikaNjoko."Angithi ukube kunabantu abakwazi ukubona iqiniso ngabe bayayixazulula le ndaba."