Goto News >
Search..

Goto News
uKhuzani useyiNdidane ngqo ke manje

"Inhle i-Cover igezile iyacwebezela. Simnandi isihloko siyaheha sihambisana nesikubona esithombeni. Ungikhumbuza Indidane lo mfana yazi iyona eyayenza izinto ezikanje. Ngikhumbula ithi asimnike imnyaka ibembalwa nje kuphela." Kusho umlandeli.


"Buka manje kukhonya yona eyakoKhuba. Ubani omunye umculi ongakhava la? Kumanje bayatatazela ngba bayazi ukuthi kuzotalabheka umuntu kujike ilanga. Sengithanda nokusola ukuthi ubani lesipoki esingafi kodwa kozwakala." Kuphetha uNtelezi.

Konakele kakhulu mhlaka 27 November 2020 mthandi wengoma. Isifikile iKhuzani Day, izwe lonke libhekile ukuthi kazi kophuma ini kule album ngoba ngathi kuhanjwe kakhulu.


Ukhulume nabathandi bomculo wakhe uKhuzani wathi sekonakele ngempela ke manje. "Usuvele usuchithekile umncindo. Nansi CD cover yeNdlamlenze elindelwe umhlaba wonke. Ngimemeza wonke umuntu enhla nasezansi ngithi nangu uKhuba usefikile." Kusho uKhuzani umfoka Mpungose egwajisa izimbangi zakhe.