Goto News >
Search..

Goto News
Zinhlanu kupheka ezikaShwi noMntekhala

Kulindeleke ukuthi ivuthe amalangabi i-EP yezinsizwa esendala zikhona zikhona emculweni. Kule EP zisebenze noNtencane odume kakhulu ngengoma wawuthembeni enqamule unyaka.


"Ngicela ukwazisa abathandi bomculo enhla nasezansi njengoba thina siliqembu elimele wonke umculo nelithandwa iwona wonke umlandeli kaMaskandi. Asisoze sathi uma sikhuluma sithi sikhuluma nabalandeli bakaShwi noMntekhala cha."

"Lapha sithathe isinqumo sokukhipha izingoma ezinhlanu kuphela ngenxa yesizathu esithize engizocela ukusigodla okwamanje." Kusho uShwi.


"Sisebenze nensizwa esencane kodwa esindala ngenxa yamagalelo ayo esibe nawo la emculweni. Lowo ke uNtencane umfoka Zondi. Sicela ukuthi niphinde nenze lokho enidume ngakho ngane zakwethu niwamukele ngezinhliziyo ezimhlophe lo msebenzi wethu esinenzele wona kulo December.


Usuku lokuphuma kwale EP umhlaka 28 November 2020. Sizomemezela ukuthi uzotholakala kanjani kodwa maningi amathuba okuthi uzotholakala kuma digital platforms."