Goto News >
Search..

Goto News
ivunywe uBlack Coffee ekaKhuzani

Kuvambanise umfoka Mpungose ezinkundleni zokuxhumana nasematekisini bamvumile. Uthi uyangena uyaphuma uzwa nje umshado awulona ijele.


Kumangaze abaningi ukubona uDj wodumo ovunywe nasemazweni aphesheya kwezilwandle eyivuma le ngoma. Lesi sicukuthwane siposte ivideo sisemotweni sidlala le track eshisa izikhotha njengamanje esivele yavala thaqa, kwasengathi abanye abakhiphanga hlobo kulo December.

Akagcinanga ngokuyidlala kodwa uyivume bukhoma le ngoma engacishe ibange nezizonqamula unyaka. Kumanje kulindelwe uhlu lwezingoma ezilishumi ezizonqamula unyaka bese ekuphinda lokho amabhinca ngoba vele awacushwa.


Okubuhlungu ke ukuthi le CD yale nsizwa isivele yagcwala kulama website abulala umculo afana nabo fakaza nomp3juice namanye.


UKhuzani unxuse abathandi bomculo ukuthi bethenge umculo wakhe ezindaweni ezifanele zokuthenga umculo bengasendelani nangowhatsapp ngoba lokho kuyawubulala umculo.