Isezithebeni kumasocial network eyokuthi uKhuzani wazivotela yena njengoba wavula igeba ngamavoti evile ku-600 000. Ngokusho komlandeli omkhulu weGcokama, ongudadewabo kaNgizwe Mchunu uWelile Mchunu, uthe ukuthole ngomthombo othembekile futhi ongashayi eceleni ukuthi le nsizwa yazivotela.
"Cishe waquleka efonelwa Ukhozi umlandeli oculayo." Kubeka uWelile ngolimi lomthombo othembekile. "SinguMthombo Othembekile sesiliphenyile ibheshu sangena shiqe ezinqeni zendoda.Cha kumiqiniso elingephikwe ukuthi umlaleli obefonelwa Okhozini okunguyena ovote kakhulu owaseMandaba kwaMpungose. Umthombo ongaphakathi uthi bebenethezeke bonke nalomlandeli ongumculi."
"Kwathi makukhala ucingo ngoba nenamba ibiqala ngo 011 wazitshela ukuthi okungenzeka ukuthi umsebenzi othile kanti lutho luvela phakathi Okhozini futhi usemoyeni unele wezwa kuthiwa "siyakuhalalisela ngokuvota ubahlule bonke ubaqwaqwada emakhanda uziwinile R60k".
waluvala ngokushesha ucingo uthuke wacishe wawa nezitulo ecishe egileka emoyeni nathi sizamile ukufonela lomlandeli enambeni yakhe eyisipesheli engaziwa noma ubani okuyiyona avota ngayo nebifonelwa Okhozini kwaba ngukuthi isavaliwe namanje. Akukho okubi ngaloludaba kuhle akwenzayo lomlandeli oculayo ngoba naye wayefisa ukunqoba ene akukho lapho okwakuthiwa akavunyelwe khona ukuzivotela.
SinguMthombo sibe sesiluphosa Emdletsheni ucingo. Nakuba ebeshayela uManqele kodwa ukwazile ukusinika ithuba lokuba simphose imbuzo embalwa. Sithe masimbuza ukuthi likhona yini ivoti noma elilodwa ake aliphosa KwiTop 10 wathi lutho yena wayengabheke lutho kwi Top 10 ngoba nemncintiswano akanandaba nayo kodwa wayefuna ukuveza amandla abalandeli bakhe.
"Ubesethi ukube izindondo azibolile ubezoke acele udede emini kulendoda ukuze ayibonise ukuthi kudala yenzelelwa futhi ichanasa engekho ijabulela ilutho kodwa ke ngenxa yokuthi uhlonipha Brand yakhe futhi akasekho ezingeni lalendoda ngeke elokhu eziqhathanisa nelutho. Kuphetha uManqele obelokhu ehleke njalo emangazwa udaba lwendoda ezivotele. "