UKhathide “Tshatha” Ngobe uveze lokhu esixolisweni sakhe asinameke ekhasini lakhe lakuFacebook namuhla ekuseni. “Ukubona kanye ukubona kabili. Ngicela ukuthatha leli thuba ngishweleze ngombhalo engawubhala ngiphawula kwenye ipost eyayikhuluma ngomlando wezingoma ezake zehlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM. Kubeka uNgobe.
"Ngifunde lukhulu ngalesi sigameko nangezingozi ezingabangwa amazwi abhalwa ezinkundleni zokuxhumana,” kusho ingxenye yesixoliso. Inhlangano yezokusakaza yakuleli, i-SABC, imemezele ngesitatimende ukuthi lo msakazi usazolokhu emisiwe ukusakaza kuze kube nguMashi ngenxa yokuphawula kwakhe akwenza kuFacebook ngoJanuwari 10.
“UNgobe wamiswa emoyeni ngesonto lesibili likaJanuwari kulandela ukubhala kwakhe kuFacebook ukuthi ingoma kaMaskandi ethi ‘Ngafa’ neculwa nguShwi Nomtekhala kwaba yiyona eyayidume kunazo zonke ngo-2005 futhi iyona okwakumele ihlukanise unyaka. Yize kunjalo, abaphathhi bangaleso sikhathi bakhetha ingoma yeMalaika ethi ’2 Bob’ ukuthi ihlukanise,”
Isitatimende siqhube sathi abaphathi boKhozi FM sebeyiphothulile le ndaba noTshatha futhi utholakale enecala ngalesi senzo sakhe nokugcine ngokuthi aqhubeke amiswe izinyanga ezimbili engekho emoyeni.
Esixolisweni sakhe uTshatha uthe : “Ngiyaxolisa kakhulu enhlanganweni engisebenza ngaphansi kwayo iSABC kanye nomsakazo Ukhozi FM ngalesi senzo sami. Ngiphinde futhi ngixolise nasemaqenjini omculo iMalaika kanye noShwi noMntekhala, ngithi yobe nganezakwethu!”