Goto News >
Search..

Goto News
Akafikanga ugalelekile ugogo uG65

UNGENE ngegiya eliphezulu emculweni ugogo ohlanyisa inqwaba yabantu ezinkundleni zokuxhumana ngeculo lakhe. UNkk Oltha Selepe (65) waseMadadeni eNewcastle, ozibiza ngo-G65 (okumele uGogo ona-65), ungene kwezwakala ngengoma ethi Obani Lababantu.


Lo mzwilili osekhulile uthe ufuna ukutshengisa nabanye abantu ukuthi ayikho into engenzeki uma uyifisa nokuqeda ngalento yokuthi kuthiwe umuntu usemdala. 

“Kukona konke ngibonga iNkosi ngokungigcina kuze kube la nokuphendula imithandazo yami. Sekunesikhathi nginecebo lokuqopha ingoma kodwa lize lafezeka emasontweni amabili edlule,” kusho uG65.


Uthe ubenesifiso sokufika kuzwakale kule ndima nokugcine kuphumelelile emuva kwesikhathi. Echaza ngengoma uthe ngokwakhe eye-Afro Pop, kodwa bakhona asebemhlaziyele ngokuthi iGqom elinamaPiano.


“Ngizamile ukuxhumana nezinkakha zophrojusa kodwa bebengawaphenduli bonke ama-emails ami, ngagcina ngithole umfana waseThekwini (uSphe weHarambe Studios) ogcine engihlanganisela ingoma yami,” kuchaza uG65.

Ngaphandle kokucula uNkk Selepe owashiywa ngumyeni wakhe ngo-1990, ubuye abe matasa nezifundo zakhe zePhD kwi-Higher Education nalindele ukuyiphothula ngo-2022.


Ebuzwa ukuthi kungani elinde isikhathi eside kangaka ukuthi afezekise amaphupho akhe, uthe impilo inendlela nesikhathi sayo sokuzenzela izinto.

“Isidalwa sami ngingumuntu othandayo ukuzikhandla nokusebenza kanzima, ekuseni ngenza isiqiniseko sokuthi ngiyazivocavoca futhi angidli noma yini kodwa ngiqinisa ekudleni okunomsoco,” kusho uG65.

Useke wafundisa eLondon, eNgilandi, kusukela ngo-2000 kuya ku-2005 “Ngabuya kulandela ukudlula emhlabeni kukathunjana wami, nokuyiyona into eyangenza ngamisa zonke izinhlelo zami njengoba sengiqhubeka ke nazo manje,” usho kanje.