INDIMA yomculo kamaskandi seyiphinde yagqemeka udume lwengozi ngokudlula emhlabeni kwesinye sezihlabani zalo mculo, uZondeni Sithole weMbibizane kodwa owaqala ukuduma esasebenza naMatshitshi Amhlophe noMahawukela.
Izindaba zokushona kukaZondeni zidalulwe ngudadewabo, uBuselaphi Buthelezi-Gxowa. Uthe uZondeni udlule emhlabeni esibhedlela saseThekwini, Inkosi Albert Luthuli Hospital ngoLwesihlanu, ngemva kokungeniswa khona ngoLwesithathu ekhishwa yisisu.
“Ngimfonele izolo, wathi akakaphumi (esibhedlela) ngoba ubesakhishwa yisisu. Namuhla bangifonele (bengazisa) ukuthi akasekho, ”kusho uBuselaphi obezwakala ukuthi uphatheke kabi. UZondeni, obebuye abe ngumethuli wohlelo lomculo wesintu kwiTshwane TV, uke waphuma engena kulesi sibhedlela exinwe yisifo sezinso nyakenye. Indlela abexinwe ngayo wukugula uze wanxusa umphakathi waseNingizimu Afrika, ukuba umthandazele asinde ngokushesha ekuguleni obese kumlalise amasonto angaphezu kwamabili esibhedlela.
Lo mculi ubethula uhlelo oluthi Emfuleni kwithelevishini futhi wake wahlabana ngendondo yeBest Song of the Year kumaKZN Capital Maskandi Awards eminyakeni edlule. Wathi isifo sezinso samqala ngo-Agasti ngo2019 kodwa elokhu ehamba naso. UZondeni, odabuka eBathenjini, eMsinga, ubengomunye wezinkakha emculweni kamaskandi njengoba aqala kuwo ngeminyaka yo-1990, esebenza noMahawukela Mseleku, Nganeziyamfisa Ntuli, Mgqumeni Khumalo noMuhle Khuzwayo abangasekho emhlabeni, eqenjini Amatshitshi Amhlophe.
Emuva kokushona kukaMahawukela, uZondeni wagcina eshiyile kuMatshitshi Amhlophe, wazisungelela iqembu lakhe, Imbibizane ngokusizwa wuBuselaphi. Imbibizane eyahlabana kumaKZN Capital Maskandi Awards nge-albhamu ethi Ubaba KaBhokweni.
Ngaphandle kokucula nokusakaza, uZondeni ubebuye asebenzele inkampani yabangcwabi iCebokuhle Funeral Parlour. Ukugula kumfica nje, umatasatasa ngokubambisana noThobani Dlamini emkhankasweni wokusungula isiteshi somsakazo esizogxila emculweni wesintu, iNgwemabalabala FM. Ubengomunye wabasekhaleni lomzabalazo wokutholela abaculi bakamaskandi uxhaso kuhulumeni ngokubambisana noBuselaphi. Ushiye emhlabeni izingane ezimbili.