Ndaba zenzeke kahle ngoba ziqhathwe Kings Park maqede kwathiwa nawe Maskandi awumncinyana ezindimeni zomculo, yingakho kuzomele Amabhinca eyodunusa khona kuleya ndawo. Pho songena kanjani thina ngoba sikaze sawubona uBrentwood omhlophe? Kubuza insizwa umfoka Gatsheni ongakaze waligqoka elinye ibhulukwe ngaphandle koBrentwood selokhu azalwa.
"Siyafisa impela ukugaleleka laphana nathi singamaBhinca kodwwa sodunusa kanjani coz awukho uBrentwood omhlophe ezitolo. Akusaveli noyedwa kulabantu abathunga izinto zoMaskandi asikhandele lolu hlobo lwebhulukwe ngoba nakhu ususondele lo mcimbi, phela thina ngeke sigqoke amaSkin jean sizinsizwa thina."
Kubeka uMbuzemhlophe umfoka Mnyandu phezulu eQhudeni. "Kungani kuthiwa all white? bekunani bengathi singagqoka okumhlophe ngenhla kuphela ngoba cha thina asikugqoki lokhu okugqokwa oTira okumpintshanayo. Ngathi sengiyabona sengizithe ntswi ngoJean, kungavuka uMafohla." Kufunga le nsizwa.