Goto News >
Search..

Goto News
Bavungazela etalabha iBergville uZimdollar

Usevele wagadla umagadla ephindelela njenge load shedding. Lo msakazi watalabha bukhoma ohlelweni lukaSigiya ngengoma ethi ingoma yaseBergville ifuna sengathi ungaba mubanyana.


Abamshiyanga ezinkundleni zokuxhumana bethi kungani njalo nje yena uma esakaza ezotalabha abathile, futhi khona iBergville ngathi akayizwa qobo.

"Dear Zimdollar. Sisi into owayisho kuSgiya ngengoma ngeSabatha uthi abafana baseBergville bagidisa okwabafazi awahlalanga neze kahle kubantu abaningi ikakhulukazi abakhele iBergville namaphethelo." Kusho uNelly Mkhize ezinkundleni zokuxhumana.


"USgiyangengoma usuwenza owakho phela manje. Usuvele uphahluke nje maqede kungabi ndaba zalutho. Kodwa akusasele nsuku zatshwala bayibone lento yakho abaphathi maqede izinyawo zigcwale udaka." Kusaqhuba yena uNelly.


Bavele bamngena abamthandayo kanti futhi bameseka abangayizwanga kahle lento akayisho lo msakazi. 


"Cha dadewethu ngokukhulu ukuzithoba nokuzehlisa, uMaBiyela ujwayele ukudlala uma esakaza. Ukuncokola nokungcweka izinto zakhe. Sicela ukumxolisela ngoba siyazi ukuthi usuke edlala kanti futhi uyasho ukuthi ncese uma esebona ukuthi akwehli kahle kwabanye babalaleli bohlelo lwakhe." Kusho uSthandwa Biyela.


"Siyizinsizwa zaseBergville cha asineme neze ngale ndaba. Mina sengagcina ngiwuyeka kwawona uSgiyangengoma lowo ngoba sibuye sitalabheke thina bamaBhenanyawo. Sibonge ukuzwa ukuthi kanti sesiphindiwe futhi." Kusho uSkhumba.