Impucuzeko umcimbi kaMaskandi ohlelwa ubaba uMcineka. Lo mcimbi usuzakhele elikhulu nelihle igama endimeni yomculo wesintu kanti ukhombisa ukukhula unyaka nonyaka.
Ezibuhlungu kubaculi kanye nabahleli nabathandi bomculo ezithi njengoba isizwe sibhekene nengwadla yesifo secorona, abakwazanga abahleli ukusingatha lo mcimbi ngonyaka ka 2020.
Kuyaqala ukuthi kubenonyaka ongabibikho ngawo lo mcimbi. Echaza umcineka ngokungabibikho kwalo mcimbi uthe uyakuqonda kahle kamhlophe ukuthi kubuhlungu kanjani kubantu kodwa ayikho into abengayenza.
"Akuthina kodwa isimo esibhekene nezwe lonke." Kuchaza uMcineka. "Siyathanda futhi besifisa nakulonyaka ukuthi sibenawo lo mcimbi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Namanje abakavumeleki abaculi ukuthi behlangane ndawonye.
Siyazi ukuthi lo mcimbi ubanjwa njalo ngoNtulikazi enkundleni enkulu Ethekwini. Namnje sisabonga kubaba uMsholozi owafika sisawubambela ngaphandle kweMoses Mabhida wabona ububanzi balo mcimbi wawufaka phakathi eMabhida.
Unwele olude Nxamalala. Ngifisa ukubazisa abathandi bomculo kanye nawo wonke umuntu obefisa ukuba ingxenye yalo mcimbi nakulonyaka ukuthi uma izinto zibuyela esimweni, noma kanjani ngonyaka ozayo uzoba khona umcimbi wethu.
Impucuzeko ke inhloso yayo ukuveza amaciko kanye nama skills abantu abonwe izwe lonke. Yingakho singabavaleli ngaphandle nabaculi abasebasha ngoba siyazi ukuthi inkunzi isematholeni."