Lona umcimbi waminyaka yonke owasungulwa izinduna zeNdidane kanye nalabo eyayisondelene nabo kakhulu isaphila.
Lo mcimbi wasungulwa ngenhloso yokuqhakambisa ubuqhawe bale nsizwa ukuze nezizukulwane zayo ziyokwazi ukuthi kwakukhona insizwa efana naleyana.
Ngokusho kukaTununu ongomunye owayesondelene kakhulu neNdidane uthe lo mcimbi nakuba ubekelwe ukuqopha umlando kodwa inhloso ngqangi yawo ukuqinisekisa ukuthi izingane zeqhawe azilambi futhi ziyakhona ukufunda.
"Ngamasentshana esiye siwaqoqe kulo mcimbi siyaye siqinisekise ukuthi alilali ikati eziko ekhaya elikhulu kwaDlulujeqeze ngoba siyazi ukuthi Indidane bekungumuntu onjani.
Sibuhlungu kakhulu kulo nyaka ngoba nje ungabanga bikho kwazise isizwe sonke sibhekene nesifo secorona. Njengoba kuvaliwe nje ukuhlangana kwabantu ibingekho ngempela into ebingenziwa ukuze ubekhona lo mcimbi.
Sixolise kakhulu kubo bonke abathintekile ngokubhuntsha kwawo nabo babonile ukuthi izwe likwi lockdown kanti vele nemcimbi yonke kuwona onke ama genres omculi asivumelekile ukuhlangana ndawonye sibungaze okuthile.
Bese sithembisa ukuthi nakanjani ngonyaka ozayo uma izinto zizobe sezibuyele esimweni uzoba khona umcimbi wethu esiwuthandayo. Sicela abathandi bomculo beqhubeke bewaseke Amageza Amahle ukuze sivaleke isikhala esivulwe ilomcimbi."