Bekudibene phezulu ingwe nengonyama. Lempi obekuhloswe ngayo ukuthi omakhulefingqana bengazenyezi ngokuba bafishane ihambe kahle kakhulu. USbali odume kakhulu endimeni yomculo kaMaskandi uyena odle umhlanganiso emveni kokuthi aqumbe phansi uThabo ngomzuliswano wesithathu.
Sikhale saba sinye phakathi kwezinhlamvu zamehlo kuThabo walala jaaa akangabe esakwazi ukubuyela kule ndoda emnike isibhakela sakwanokusho. Lokho kucacise ngokusobala ukuthi inkasa ayilingani nomfula.
Lempi ibidume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana nasemaphepheni ibidumile. Ibibizwa ngokuthi impi yabaphansi. Kubathokozisile abahleli bayo ukuthi igcine iphumelele. Nokho akavumanga ukuthi ushayiwe uThabo. Uthe ucela impinda noma abukiswe ivideo ukuze abone ukuthi uhlulwe kanjani.