Goto News >
Search..

Goto News
iyabangwa ingoma kaMdumazi | Ngiphuzile mina

UMlaba ungenze umuntu, ngiphuzile mina ngizolala ngiduma. Lena ingoma etrendayo kumanje ezinkundleni zokuxhumana. Ivele ngoMdumazi le ngoma, evela kwenye yamavideo akawenze edle amponjwana ezivumela nje kanti izongena ebantwini.


Khona manjalo imbangi yakhe enkulu uNjoko umfoka Mbambo umemezele ukuthi le ngoma isale kuye ngesikhathi ekhipha ezingu-14 kwezingu-16 abekade ezenzile kule album yakhe entsha eshisa izikhotha kumanje. 

Udumo lwale ngoma evele yaduma ingakaphumi nakuphuma luthande ukudlanga kakhulu kubathandi bomculo ngoba nabasakazi imbala uTshatha noZimdollar bayivume bukhoma.


Ngokubona kwenzeka lokhu uvukwe umona uNjoko wathi ucabanga ukuyidedela kuqala kunoMdumazi ngoba vele ingoma yakhe. "Ngizwa kuthi angivele ngiyidedele nje ngoba vele ngisazibuza ukuthi uyithole kanjani unkabi lo."


"Le ngoma inesihloko sayo kule album yami esithi 'UMlaba' kanti angiyikhiphanga ngoba ngithi ngiyibekele unyaka ozayo. Kungimangazile ukuyizwa isiculwa ilona ngoba bengithi ifihliwe nje. Baningi bayabhukuda kulesi siziba." Kusho uNjoko.