Amabhinca adume njengabantu abangathintwa uma kuyiwa evotini. Akubanga njalo kulowo osanda kuzama amavoti ngoNjoko njengoba ekhale ngaphansi ngenkathi sekuphuma uhlu lwabaculi abazodlulela emzuliswaneni olandelayo kowe Sing with Sundowns.
Le nsizwa yangena ohlwini lwabaculi abazovotelwa ukuze bewine 1-million for umuntu ozohamba phambili uma sekukhishwa abanqobile. Bekungolwamanqamu izolo ebusuku njengoba leli qembu elikhulu kwezemidlalo eNingizimu Africa licelebrator iminyaka engamashumi amahlanu likhona.
Kulapho ke obekumele le nsizwa yaseNquthu idle umhlanganiso ngokulala sisibizwa ngemillionaire. Kwalile ke njengoba iphume unumber 6 yathola imali elinganiselwa kuR200 000.
Kuyinto engeyinhle nokho futhi engajwayelekile endimeni kaMaskandi ukuthi yenzeke. Kushuthi abachazelekanga kahle abalandeli balo mkhakha womculo ngoba bebengeke behluleke ukubeka iqhawe labo ebalazweni.
"Khona bese kungcono kulokhu ngoba bese kunane nombolo okulula ukungena ngayo uvotele e nsizwa kushuthi nje kwalile kumfoka Khumalo." Kusho uMshukansizwa umfoka SIthole Eqhudeni.
"Sivotile kakhulu impela kodwa kucaca ukuthi inkasa ayilingananga nomsele". Kubeka uMshukansizwa. "Ngisola ukuthi aliphushekanga ngendlela ivoti lale nsizwa nanokuthi abafwethu abatholanga ulwazi olwanele nanokuthi kusho ukuthini ukuvotela Imfezemnyama nokuthi eyani yona lento."