Goto News >
Search..

Goto News
Kuhamba kahle kowaxoshwa iphimbo kuMaskandi

UNgelo Vee owaduma kakhulu kuMaskandi ngezingoma ezinomlayezo ojulile wamemezela sakudlala ukuthi useyashiya kuMaskandi. "UMaskandi ngangiwuthanda kakhulu kodwa iphimbo lami alingivumelanga ukuthi ngiqhubeke nawo." Kusho uVee.


Le nsizwa uzoyikhumbula ngokuba umhleli womcimbi omkhulu obubanjelwa Ethekwini enkundleni yezigameko iCurries Fountain. Lowo mcimbi kukholakala ukuthi sewathathwa uNgizwe kodwa usawenza unyaka owodwa kuphela ngenxa yecorona.

Ungelo Vee osedume ngelika Vee manje emkhakheni omusha akawuculayo ukhulume nabezindaba wathi kumhambela kahle kakhulu nakhona ngale. "Akukho okwafike kwangahamba kahle ngabe ngiqamba amanga."


"Yebo iqiniso ukuthi ngashoya kuMaskandi. Ngaya kodokotela bafike bathi iphimbo lami likwilevel ethile kwabanezizathu engingeke ngazibalula ezazithinta lona iphimbo so ngagcina ngishiyile ke.


Okungiphatha kahle ukuthi ngisaqhuba sona namanje isiphiwo sami somculo. Zabakhona zona izingqinamba ngoba akulula neze ukushiya la obusuwaziwa khona usudume nakakhulu uyoqala phansi into entsha.


Umculo wami uyatholakala. Zikhona izingoma ezimbili engizikhiphile. Eyokuqala isihloko sayo sithi 'Siyalokhuza la' esengoma yesibili sithi 'Ngibeka la'. Kungaba intokozo enkulu ukuthola uxhaso nakubona abathandi bakaMaskandi."