"Kulonyaka amadixa ngifuna ukuwaqeda kancane kancane aze aphele nya, wena owabona amashirt eNjomane amhlophe." Kusho umfoka Kuphosakwenyathi etalabha amadoda. Kumanje babhensile iyasho insilane emhlane.
Umtalabho ohamba phambili kulo December uzowuthola kwiNdlabeyiphika uma ithi Kunyakazi nkonkoni emzini kababa. Bese ithi dubula la udubula khona ungadubuli ongaqondene naye. Zikhala emajazini kuKhuzani uqudwa ngovoicemail bukhoma.
"Uyangihlekisa wena madala ngoba uyashesha ukukhohlwa. Sabuya nenhle imali phesheya. Saceba kanjalo sinoNgubane owabuya wathenga amaquantum mina ngathenga umuzi cash egoli, wena wathengani? Mastende wemkhukhu."
"Ngabafica bemanhlalunhlalu endlunkulu ngabahlanganisa namhlanje usubafica bephululana amarasta ngegama lami, sebekhohliwe onkabi. Ningonhliziyombi ngempela nina mabhamuza ngezisu."
"Laxokiza ixoki ngeke liphile isikhathi eside mgobo kawuphuthi ehawini. Uxokize waqeda umdlwane nomkhaba ogcwele impunzi owashiya icompany ukhozi media wajoyina inkampani edayisa ukudla notshwala." Kazi zikhala kubanike la ngisola uDlubheke.
Akayifisi indaba uMajotha emaflatin Ethekwini njengoba zimtitinya ekhona lapho ethi ucashe ngesithupha zakhala. Ayikhulumeki ekaBobo umfana wepiki ngoba kuthiwe unecleavage edakiwe eyabonwa uSgwebo.
Ayikhulumeki le ndaba thola eyakho mthandi wengoma uzizwele lo mtalabho okuyiwona osavotelwe njengohamba phambili kulezi eseziphumile. Uyeza umfoka Ndukuzempi kazi liyoshona sikhuluma ethini indaba ngoba konakele kakhulu nonyaka.