Igeza lakwaMgube lizodedela ulozolo lwengoma kwi-album esihloko sithi 'Inhlo leskhova'. Wenze u-music video wale ngoma wawufaka kuyoutube, ungaphuthuma khona uyowubheka. Album iyeza mhlaka one, hlala ulinde mthandi wengoma.
"Ngikhumbula ngisagijima naye uNtunsula sihlangene kumnandi neChalaha sivinqa ingoma koNdabuzekwayo sijabulisa abantu." Kusho uMgube. "Wafika umona yavuka inhliziyo embi kumuntu yamosheka kanjalo ke into enhle."
"Ngishaye ushuni ebesijwayele ukugijima ngawo sisahlangene wavuka umunyu kmina uma ngicabanga ukuthi usibanibani ngabe usengena kanje kule ngoma. Ngakhumbula inunu emnyama inkosi kaMaskandi madoda aw hhe!!"
"Kulo December ke angidlali nabafana abancane. Ingoma ima izophuma angikayizwa okwamanje. Ngifuna ukubabonisa ukuthi ngimdala kulo mdlalo futhi angigugi sdalo bathi abafana abancane siguga namaxolo aso ke lesi.
Ngikhumbula sishaya ingoma siwela izilwandle ngayo sihlangene sizinsizwa kumnandi. Kodwa manje usengibuka ngaleliso akayebuka ngalo inunu emnyama. Ihlo leskhova phela mina ngiyalazi. Uma sikubheka size sikhale izinyembezi."