Zidumo zigcwele emaphepheni kulamalanga ngoba kutrenda Inkosi yoMaskandi uMthandeni umfoka Manqele. Wayidala indaba wazibiza ngonyazi lwezulu kwaba uyinyathele emsileni inyoka. Adinwe athelwa ngamanzi amakhosi aleli bandla amsongela umfoka Kuphosa kwenyathi athi uzothola iziqalekiso.
Ekuzwa lokho ukhulume nabezindaba wathi yena akazi bamfunani abantu ngoba ubengasho uNyazi lweZulu inkosi uShembe kodwa ubesho unyazi lokhu abathi ngesilungu 'LIGHTNING'. Kwenzeka konke lokhu nje, usephakamise isandla wathi amen bantwana bami elingisela uShembe.
Ngokusho kwenkosi uWellington Qwabe, utshele iphepha lesilungu ukuthi le nsizwa eyafika emculweni kaMaskandi yawuthatha yawubeka kwelinye izinga ngobunono ukuthi lento akayenzayo izomenzela iziqalekiso ngoba akudlalelwa kuleli gama loNyazi.
Nangonyaka odlule le nsizwa yethamela imihlangano ngenxa yesihloko sengoma yayo esithi 'iGod Style.' Yaliwina lelo cala ngakho njalo ukuguqula izinto ngama last minutes njengoba wavele wathi yena ubesho istayela sezinja ay lokhu okucatshangwa abantu
Uthi namanje uzibiza ngonyazi ngoba wafika eMoses Mabhida kokaKhuzani kungalindele muntu. Wafika njengonyazi lwezulu hhayi lolu olucatshangwa abantu oluyinkosi yasekuPhakameni.