Goto News >
Search..

Goto News
Ngingamane ngingayi kwiMpucuzeko ukunokuthi ngiguqele abantu abathwele by iSkhova sezwe lonke

Umthandeni Gcokamelisha Skhovasikazwelonke Manqele, lensizwa inenhlahla enkulu yokuvaleleka emicimbini emikhulu embanakanya abaculi bonke bomculo wesintu nophinde uxhaswe uhulumeni kazwelonke jikelele ngenhloso yokusiza kanye nokuthuthukisa umculo wesintu. Eminyakeni engemingaki yeyedlule lensizwa yavaleleka emcimbini omkhulu owawubizwa nge, "Gcwalisimabhida" nowawuhanjelwe ngisho nanguMongameli wezwe lonke laseNingizimu Afrika ubaba uMatamela Ramaphosa, akwangagcina lapho ngoba sekuphinde kwabakhona ingoma kazwelonke ebihanjelwe iziphathimandla zikahulumeni wezwe lonke kanye neSilo samabandla kazwelonke ubaba uMisuzulu kaZwelithini Zulu.

Lensizwa yakwaManqele ivaleleke ngaphandle besazilolonga abaculi bezilolongela yona lengoma ebiseMabhida ngeyi 4 June. Iye yaphumela obalake lensizwa kwelinye lamasonto noma kwezinkonzo ebivakashele kuzo yize iye yakubeka kwacaca ukuthi ayivakashile kodwa isekhaya ngoba nayo isindisiwe vele njengomfowabo emelamayo ongumfundisi kulo lelibandla ebidividiywa ishumayeka kulo. Ezintweni akazibalulile kulentshumayelo yakhe uthe, "Ngavalelwa ngaphandle kwingoma kazwelonke ngoba nakhu ngingafani nenkomo engawazi amandla ayo ngoba yona iqutshwa ngisho nawumfana omncane ongeke ayimele uma ingake iphenduke ize kuye, angiyanga ngoba babefuna ukunginika uR10 000 kanti mina ngiyawazi awami amandla ukuthi angaphezulu kwalelo nani", kuchaza sona sikazwelonke.

Siqubeke sathi sona siyamazi uNkulunkulu esimukhonzayo okungu Jesu Kristu Wase Nazaretha asiwangabazi amandla akhe, "ngelanga lengoma kazwelonke ngahlela owami umcimbi eduze kowabo ngamabomu ngoba ngifuna ukubakhombisa ukuthi amandla ami mangakani nangempela basuka bonke abantu bayothi mboo kowami umcimbi kwasala amagidangoma kuphela kowabo. Ngathi uma ngfika eThekwini ngaqasha amaphara ngawanika amaCD ami ngathi awahambe eyowadayisa emcimbini wabo, ngangenza ngamabomu ngangifuna kuvele kugcwale amaphara kulowaya mcimbi. Angeke ngiguqele abantu abathwele mina ngingamane ngife....." kuchaza lona Igcokamelisha eseliphinde lavalelwa kwiMpucuzeko kazwelonke ehlelwe yibo labo bahleli beNgomakazwelonke...