Goto News >
Search..

Goto News
UTshatha usonta kwaSihogo kusho uWelile Mchunu

UWelile Mchunu usegxeke umfowabo uNgizwe Mchunu ngesonza sakhe sokwenqaba umnikelo wesoso ngemumva kokuba eshonelwe uyise uMgan'omanxeba nobefihlwa ngempelasonto le esisuka kuyona. Baningike abantu ebebekhalisana noNgizwe Mchunu kanye nesizwe saseMachunwini okubikwa nokuthi isitha sikaNgizwe esikhulu okunguBaba uMcineka wamantshontsho kamasikandi lo uNgizwe akahlale emuthuka njalo kuma voice notes akhe esho nokusho ukuthi akamufuni ngisho nalapho ahambe khona kodwa okubuhlungu kakhulu akakaze aphumele obala uNgizwe achaze ukuthi wamenzani loMcineka akahlale emuthuka nsukuzasa.

UNgizwe akagcinanga ngukuncoma isenzo sikaMcineka kodwa uphinde wagxeka isenzo sikaTshatha lo owayenguzakwabo ohlelweni lukaSigiyangengoma oKhoziniFM ngokungafiki nanokungathumeli noma axolise asho ukuthi angeke akwazi ukuba khona kodwa uyakhalisana noNgizwe. Kubikwa ukuthi uNgobe uvele wathulisa okumuntu ongasekho emhlabeni ngenxa yokuthi uNgizwe uhlala emudlelisa kabi emuthuka kuma voice notes kanye noMcineka lo othumele uhidehide lwendaba ekhalisana nesitha sakhe uNgizwe.

Akathulangake uWelile ongudadewabo kaNgizwe ngesenzo sikaNgizwe sokujikisa umnikelo wesoso obuvela esitheni sakhe esinguKhuzani Mpungose nokubikwa ukuthi bekuyisizumbulu sika R5000, "Ukhalela oTshatha kodwa ujikisa umnikelo wesoso osuka esitheni sakhe esikhombisayo ukuthi sinenhliziyo enhle sona siyadlula entweni kodwa ubhizi ukhalela oTshatha ukuthi abamukhalisanga futhi abafikanga emungcwabeni, kanti ufunani? uwujikisa kanjani umnikelo wesitha sakho kodwa ube ukhalela esinye ukuthi asikukhalisanga? futhi uTshatha ebengeke ayenze nje leyonto phela usonta kwaSihogo loyamuntu, uphatha elinye ibhayibheli lowamuntu", kukhala uWelile...