Goto News >
Search..

Goto News
Ngizwe Mchunu Maskandi Festival

Lo mcimbi owazakhela elikhulu idumela ngonyaka wokuqala wenziwa kubikwa ukuthi kungenzeka ubekhona kulo nyaka ka 2020 nakuba izwe libhekene necorona.


Lokhu kusengamahlebezi nje enziwa abathile ngoba bebona izinto zithanda ukuxega kanti nezibalo zabahaqekayo kanjalo nabadlulayo ziya ngokwehla.


Ngokusho komhleli walo mcimbi uNgizwe, uthe kungaba injabulo enkulu kakhulu uma ilockdown ingaphela isimo sibuyele kwesejwayelekile ukuze ezoqala naye ahlanganise izinto.


"Okwamanje angazi noma ngeke ngaba nawo amazwi atheni kodwa kuyisifiso sami ukuthi uphinde ubekhona lo mcimbi ngoba baningi abafisayo kanti nesimo esibhekene naso kungenzeka siye ngokuba ngcono.


Angizukuba nawo amaningi kodwa ngizofisa ukwazisa abathandi bomculo kanye nabaculi ukuthi akukho okuphathekayo njengamanje kodwa uma izinto zivuma ngizozama ukuthi ubakhona kodwa kodependa ekuthenini uyaphusheka yini ngendlela.


Bese ngidlulisa ukukhathazeka kwami okukhulu mayelana nemiphumela emibi eyenziwe ile lockdown. Balambile abaculi, bayakhala abathandi bomculo ngokuthi abakhoni ukuzijabulisa ngalutho. 


Kanti izigila mkhuba zithole ithuba lokuhlungumeza abesifazane nezingane emakhaya. Ngiyakhuza ngithi kahleni sizwe sakithi akushiwongo ukuthi sebenzisani isikhathi selockdown ngokwenza izinto ezifana nalazi." Kuphetha uMacingwane.