Goto News >
Search..

Goto News
Polo Makhoba | “Ngiza nesishingishane”

Sekuvele konakala ezindimeni zomculo njengoba insizwa esencane enekhono elimangazayo uPolo umfoka Makhoba owaduma kakhulu egidela Igcokama elisha esevele wakhetha ukuphuma ngaphansi kweGcokama.


Le nsizwa idedele ivideo promo eshisayo la akacacise khona ukuthi uzoshaya ingoma enkulu futhi okungenzeka nothisha agcine esengaphansi kuye ngengoma. Uma uzwa ivideo promo kaPolo uyezwa ukuthi likhona iphimbo kanti nengoma ikhona.


Ukhulume nabathandi bomculo wakhe wathi akezile ngobubi kodwa uzodlala ingoma ajabulise abantu. Ebuzwa ngokuphuma kwakhe Emdletsheni uthe akukho okubi okumkhiphile kodwa ufuna ukukhulisa ikhono lakhe naye azimele.

"Ngiyabingelela enhla nasezansi kubathandi bomculo. Igama lami kwezomculo nginguPolo kanti isibongo umfoka Makhoba lona. Ngicela ukunazisa bathandi bomculo ukuthi seluze lwafika lolo suku okade lulindwe abaningi." Kusho Upolo.


"Inkulu ingoma engiza nayo futhi nje ngingasho ngithi ngiza nesishingishane ngoba kwamina angiyazi ingoma engaka. Ngicela ningamukele bafwethu niyangazi ngikhulele phambi kwenu ngigijima nensizwa Igcokama elisha umfoka Manqele.


Umculo wami uzotholakala maduzane kuma digital patforms. Zimbili izingoma engiza nazo kule EP kanti uma usuzizwa ngathi uzwe 14 yonke. Ngikhala ngentombi yami eyahamba nobhuti bamaPolo ngasala ngibambe ongezansi. Ngiyabonga."