Goto News >
Search..

Goto News
Uzokhuluma nesizwe uRamaphosa namuhla

Umengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa uzokhuluma nesizwe namhlanje ebusuku ngezakamuva ezithinta ubhubhane iCovid-19. URamaphosa, ozokhuluma ngo-8 ebusuku, kulindeleke ukuthi amemezele izinguquko esigabeni sesithathu sikathaqa izwe eliphila ngaphansi kwaso kulandela ukubhebhetheka ngesivinini kweCovid-19 kusukela ngasemaphethelweni onyaka odlule.


UMengameli uzokhuluma nesizwe kulandela imihlangano nesigungu esibekelwe ukulwa neCovid-19 kuleli, iNational Coronavirus Command Councel (NCCC), ongqongqoshe beminyango ehlukene kanye nabamele amabhizinisi.


Kulindeleke ukuthi uRamaphosa aphawule ngokuvalwa kokudayiswa kotshwala ezindaweni zokudlela ngokunjalo nangokuvulwa kwezikole. Isibalo sababulawe yiCovid-19 kuleli sesinyukele ku-44 164 ngokwezibalo zakamuva ezishicilelwe uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize. Bawu-109 977 abantu abasahaqwe yiCovid-19 kuleli.