ivele yaphela with immediate effect impi kaNjoko neMfezemnyama. Ngokusho kukadadewabo kaNgizwe Mchunu odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngelika Welile Mchunu, uthe inxele lakwabo livele labathatha labaxova emanzini yaphela impi.
Lezi zinsizwa zinempi engaphoqi sdalo kodwa esifuna ukuzenza impi nje impela. Ekuzwa lokho umfoka Macingwane esengonyameni uluthathele phezulu loludaba wathi ngeke kulunge madoda uma nizovele nilwele nento engekho kanje.
Kubangwa umfana ocula komunye umkhakha kanti umqali wodweshu Imfezemnyama. Namanje kusalindeleke ukuthi uNjoko aphendule umbuzo ovela kwiMfezi othi usengumculi yini naye.
Basalokhu bemxine njalo abathandi bomculo bethi phendula ndoda. Akafuni ukuphendula uNjoko kodwa ulokhu etalabha Imfezi. Kubukeka sengathi lempi yabo kodwa isigoqiwe ngoba nakhu bandawonye kumanje kuyahlekwa kumnandi.