Sekuvele kwamoshakala kakhulu ezindimeni zomculo wesintu njengoba iqembu Abangani Bakhe sebememezele ukuthi noma kanjani liyeza icwecwe labo elisha, elisihloko sithi 'Inkunzi Umashundula.'
Le nsizwa eyaduma kakhulu nge-album eyayikhipha emveni kokuthi kudlule umngani wayo omkhulu emhlabeni Umgqumeni umfoka Khumalo ithi akungoma isigaxa kulo nyaka. Uzoyikhumbula ingoma akayikhipha kwicwecwe lokuqala eyayithi 'Ubongilinda.'
Ukhisimuzi uzodlala okwesibilike kulo nyaka njengoba esenanestudio sakhe esithi yena esaziwa kakhulu ngokuthi kuseMabhozeni Records. Noma ungabuza uBig Zulu uzokutshela ukuthi usebuya khona Emabhozeni Records.
"Ngithi angibingelele enhla nasezansi kubathandi bomculo ngiyi Ngiga kamahlalela ohlala egoli abanye behlala emakhaya. Ngithi bafwethu kulo nyaka kuzophuma enyinto engingayazi nami ukuthi ibizwa ngokuthini uma isinkulu kangaka." Kusho Ungiga.
"Ngicela nihlale nicuphe kanjalo nje ngoba isingene yaphuma estudio inkunzi yenu. Niyazi ke nani ukuthi ubuciko into engazalwa nayo nanamhlanje ngisaqhuba sona isiphiwo sami somculo.
Isihloko sale album sithi 'Inkunzi Umashundula.' Ngiphethe umfwethu esizalwa naye uSpoon Nemfaduko bayamazi abaningi ngoba sihlale sisebenza naye vele kule album. Ngiyabonga."