Goto News >
Search..

Goto News
Ufusegiswe Owesifazane Wabaleka Ozibiza NgeLembe

Ufusegi, ufusegi ngempela ke manje. Uthe esathi uyaqala nje ukucula esathi "Usiburuuuuuke" kwathi hlwi!! iMic, kwathiwa Fuseg!! Kulapho ke la Kunqamuke khona imbadada kwabhiza ibheshu umfokaKuphosa kwenyathi ephuma ngesamagundane estage kowe Mother of All Maskandi Festival Ethekwini. Kuchitheka udaka nje indaba yoniwe uyena kanye uManqele ongakwazanga ukugcina isikhathi njengoba bekulindeleke ukuthi adlale ngehora lesikhombisa ingakaqali iTop 30 ngokusho kukaZimdollar.

Uzwakale esethandaza ethi Mthandeni Omnene Othobe Nganhliziyo kanti inhlizyo igaya izibozi kwazise uzazi kahle izinkabi zakwaBiyela phela azigayelwa mphako nangenyanga yendlala uMasingana. Eqhubeka nomkhuleko uManqele ethwanguza ehlane ecula ngekhwela sengathi ulahlwe umhlaba, uvele wamqonda ngqo uNkulunkulu wathi Jehova Nkulunkulu wami ngicela usheshe umthathe uZimdollar ukuze ngiphumule.

Ekuzwa lokho uMabiyela uthe namanje ngisaqhubeka ngithi fokof wena noJehova wakho lowo owalenga emnqamlezweni ngithi fusegani anginesabi mina wozani one by one. Ekuzwa lokho uMthandeni uvele wazimboza ngengubo usuku lonke saba ngisho ukuvela emnyango kwazise akudlali phela ukuthukwa umuntu wesimame ube udume ngokuthi uyishinga wena awubhedelwa uzalwa insizwa enenkani nawe unenkani ufuze uyihlo.