NjengoMoses eBhayibhelini ekhala ngenduku yamandla akayinikwa uThixo, umfoka Khuba ukhihla esikaNandi ngenduku yakhe yokunqoba eyasala kushubile eSandlwana. Bezidibene kuleya ntaba efana nendlu ngokwesakhiwo, zihlanganiswe Isilo kugujwa ukunqoba kukaZulu enqoba Amangisi ngaleziya nsuku zakudala impela ungakazalwa nawe nokhokho wakho futhi wayengakazalwa noma ungamvusa ethuneni umbuze.
"Ingcono nekaMoses yakwazi ukuphenduka inyoka. Eyami ngiyobuye ngiyithathephi kodwa uma leya nsizwa engayinika induku yami ingase ngempela ingenzele phansi? Amandla ami akuleya nduku, ukuhlukana nayo kusho ukuthi angiseyubuye ngikwazi ukungena eGibhithe ngiqoqe izimbu zikaJehova ezigqilazekile ngizihambise eKhenana ngengoma enkulu enomlayezo ethandwa umhlaba wonke."
Ubeke lamazwi uKhuzani ezwakala ukuthi noma ngabe esinjani isimomondiya esingafika kuyena sithi bbe asambe siyolala ehhotela ngeke ayivuma leyo ngba umoya wakhe uphansi kakhulu.
"Ngiyacela kakhulu kuleya nsizwa engayibambisa isikhali sami ukuthi singixhume kule number engiyibhalile ekhasini lami kufacebook ukuze sikwazi ukuhlangana ngithole induku yami engishaya ngayo amavaka." Kuqhuba yena uMpungose.