Goto News >
Search..

Goto News
uKwazi Nsele uyivumile eyeGcokama

"Izitha zikaMthandeni akuzona ezami futhi naye akakaze nje asho ukuthi angi-Adopte izitha zakhe, even nabangani bakhe akubona abami.. Khona kunjalo lokho akusho ukuthi ngiyivaka cha sdalo angilona ivaka." Kusho uKwazi Nsele.


"Ukuthi sekuzomele ngingakhulumi ngokuhle okwenziwa ilensizwa kuBrand yami ngenxa zokuthi uyisitha neSthandwa sakho haibo kahleni bafwethu Mina angithengi izitha zamuntu kodwa lokho akusho ukuthi angazi ukuthi uMthandeni ubani ngasebenza naye ngizazi nezitha zakhe futhi ngangazi lokho kuyokuza nokukhuluma nokukhuluma ngolunye usuku."


"Ingoma ke cha uyayivamba futhi kulokhu ngathi ubebukisa inkosi impela. Uma ungakayizwa phuthuma uyithenge ngoba ayi engaka yona sonke sayigcina kwagogo Ezola"


"Mina ngiziphushela ispani sami and ngizihambela ku-Lane yami angihluphe muntu, ngoMgqibelo ngizenzela iShow eVilakazi eSoweto kuzobe kugcwele abalandeli bezinkondlo zami kanjalo ngeSonto eBat Centre eThekwini kuzobe kugcwele abalandeli bezinkondlo zami abathenge amaTicket uma uzazi ukuthi ukhuluma kuphela awukaze ufake isandla emsebenzini wami awunalo ilungelo lokuphawula ngokuthi iBrand yami ngiyihlanganisa nobani."


"Mina ngiphuma eNkandla eHlanzeni ngalokho akusho ukuthi wonke umuntu wase-Nkandla oyiciko kumele ngisebenze naye ukuze ngibonise ukungabi nankinga naye abanye ngiyaxhumana nabo private and we have mutual professional respect mabenze kahle ngiyababongela, inkinga ukuthi uTrack 2 engiwenzile ingwe eMabalabala useMdletsheni kuNdlabeyiphika injalo lento."