Goto News >
Search..

Goto News
Ulishaye phezulu ikhanda uMntuyenziwa kuFalabo

Beziqathiwe kuMbuso Wamaciko ziqathwa uMashudula intombi yaseNkandla kanye noZamaweza inkosi yabakipiti edabuka eMabomvini kanti bekutholene uMntukazenzi uMnandebhemile edabuka khona eNkadla kanye noFalabo Magic fingers edabuka eNquthu kwaNgqulu kwelenkosi uSthole. 

Kuye kwaqamuka umbuzo obubheke kuMntuyenziwa othi, wabangani noKhuzani kodwa lensizwa ayifunanga ukulokhu ichaza amanangananga ivele yadlala ingoma yayo ethi, "Ngangithanda ukukutshela mhla ngyolobola mfwethu, ngangithanda ukukutshela namhla sezushaya mfwethu, pho ngangingakutshela kanjani njengoba unginyanya futhi ungizonda", kwavele kwacaca ukuthi inkinga yayinkulu kodwa ayaziwa ukuthi umsuka wayo iwona muphi ngoba naye uMntuyenziwa akathandanga ukuchaza ukuthi kungani ethi uKhuzani wayemuzonda futhi emunyanya.

Zibe seziqathwake ngentambo nangengoma lezinsizwa zombili okungu Nkulunkulu weziginci (uMntuyenziwa) kanye noMagic fingers (Falabo) nokuyilapho akazidlele khona amahlanga uMnandebhemile (Mntuyenziwa) ngoba bathe abaphathi lezinsizwa azidlale nomengabe iyiphi ingoma emaqaweni angasekho emhlabeni okunguMgqumeni, Ndidane, Mjikijelwa kanye noKhansela noJBC, uxolise njalo uFalabo kanti uBhemile ubelokhu egijimile kuwona wonke amaqawe ngoba uthe uma eseyovala wavala ngoVezuthanda wamabongwa lapho ethi khona, "Kuyadabukisa okwenzeka kimi kulomhlaba, ngifana nongazalanga kodwa ngizele abafana ngizelinsizwa". uphinde wakubeka kwacacake uMntuyenziwa ukuthi mhla ephuma eqenjini likaKhuzani waphuma noshuni wakhe othi yena, akathathanga lutho lwamuntu...