Goto News >
Search..

Goto News
Ulitalabhe bukhoma Igcokama uKhuzani

Wemfana njengoba utatazela uzithela enkunzini awuboni yini ukuthi ulandela inkunzi esimavava. Kush íngoma kuvinqwa ingoma, kushumtalabho kubhensa amadoda. ONgizwe nabo bakhala ezimathonsi ngoba ilibhule maqede watatazela uMacingwane.


"Bengimtshela nje umfana ukuthi uma ezolwa nami akomema abantu ngoba ulandela inkunzi esimavava. Lona ngithi akathule ngoba akanangqondo ngifuna ukukhuluma nomphathi wakhe. Mina ngibafuna sebemaviyo viyo ngoba ngoba oyedwa angisamuzwa sdalo. Ngiqoqa zonke ngithi azihlangane ngilishaye ikhanda" Kusho inkakha kwezomculo uKhuzani umfoka Mpungose.

"Thula Dunudunu ngafa zinhlamba zoMasondo." Kusho Indlamlenze ezinsizweni. "Ngizwa kuthiwa usehamba etshela abantu ethi usezozinakela uMgube ngoba mina sengimehlule. Angikhulumi nabantu abahlala kwagxumungene.


Ungathi uyimillionaire kodwa uma uhamba usabeka isikhiye phansi kwetshe. Uthi akazwani nezitha ezingenasdingo kodwa uhambe exolisa njalo nje yena uyaxolisa.


Ngigcine ngimupha nezibongo mahhala ngoba ngiyabona uyazidinga vele. Baphi Omacekeceke. Kumanje udinwe ukuthi lo mfana owayemgidela uPolo waganwa kuqala kunaye useze wazimela umfana waphuma kuye.


Nangu noWelile uyakhala uthi ilokhu afika kuyo le ndoda akatholi lutho. UNgizwe naye ukhala ezimathonsi ngale ndoda ayi mina angisazi. Phezu kwabo ma-Blue nation sebevumile."