By Njabulo "uMdumazi uMfana kaThisha " Mkhwanazi eMtuba eGunjaneni. "Mina Engikwaziyo NgoMdumazi "Igeza Lendalo" Mhlongo njengoba selokhu ngamazi ngo 2015, ngingasho ukuthi umculi ozaziyo loya , owaziyo ukuth kuMaskandi kuyancwekwa kodwa futhi kubalulekile ukuqhuba isphiwo sakho"
"UMdumazi wafika emculweni washaya ingoma , akwangaphela mnyaka ubese aziwa ngenxa yengoma ecokeme without ukuchema nabaculi thizeni. Neqembu ahamba noMgojeli Ncube kulo [Abasokhalweni] , bese kuba elaMaGoso eliphume kulonyama Awubufakazi balokho."
"Namhlanje sikhuluma indaba yokuthi nakuba ezamile ukumwisa uNjoko kodwa uhluleke wancama. Ubufakazi balokho ingoma yakhe ethi Umlaba akathi uma eyidlala kunyakaze ngisho esinedolo isalukazi ngoba ishayiwe leya ngoma."
"UZandleyncane ngizomshayela izandla nabanye abayizinkumbi abamlandelayo nabamthandayo ngokukwazi ukungapheli amandla ngisho izinto bezingamlungeli emnyaken eyedlule , ngenxa yobuxoki obukuMaskandi , 2017 to 2019 evalelwa emcimbini , emsakazweni , bemenza inhlekisa bemcekela phansi ontaba kazikhonjwa."
Still noma kunjalo Akaze afune umkhulumeli kuze kube manje , uWina izindondo ngamandla obuciko bakhe , abalandeli beqiniso abamthandayo kanye neNkosi bakwazile ukumphakamisa bambeka ebalazweni ngezenzo ezinhle .
UMtubatuba uyaziqhenya ngaye akakaze awulethele amahloni.
Akayithuki inhlamba , akaze abachomele abalandeli , akanayo inqondo yokuthi "Akabafuni abalandeli bamculi thizeni..." Konke lokhu kuwubufakazi bokuthi uma wazi ukuth uzele ukuzocula emculweni hhay uk'zothuka usban bani uyohlez unendawo yakho kubalandeli bomculo wonke jikelele ngoba usuke ukhombisa ukuwuthanda umsebenzi wakho futhi wazi ukuthi baningi abantu abakubhekile.
Ukukhuluma vele kyohlezi kuyinto ekhona , noma k'ngathiwa bengithulile bebevele bezokhuluma abantu . Qhubeka ushaye ingoma Zandley'ncane mfoka Caphuna zinkobe zishisa kyopholela emathunjin , useyiGoso eyntombin naseynsizweni.