Imnandi yonke eyeNdlamlenze. Umculo wale nsizwa uyakhula unyaka nonyaka. Kulonyaka ulenyuse kakhulu izinga kanti nelomtalabho lenyuke kakhulu.
Kumanje akayifisi indaba uDunudunu njengoba ethe uyavika lakhala phezulu ikhanda. Bathokoze kakhulu abathandi bomculo uma bebona izinga lengoma lale nsizwa lenyuke ngale ndlela.
"Ngithe ngiqala nje ukuyidlala ngezwa isigqi ngabhema ngakhlwa." Kusho uMaficwana umlandeli omkhulu kaKhuzani. "Ngifisa ukuthi kazi uzizwa enjani ubhuti wabantu otalajwe kanje ngoba ayi ithande ukuzwela kakhulu imnjunju kulonyaka."
Abaningi abathandi bomculo ikakhulu abalandeli beNdlamenze bathi bazoba namaholidi amnandi kakhisimusi ngoba ingoma ithande ukuba yinhle kakhulu.
"Sengijahe nje ukuthi umlungu asidedele siyojongosa ngayo le ngoma emakhaya." Kusho uShodozile umfoka Nkohlowane phansi kwaNgqulu. "Sakhetha kahle phela thina esakhetha eyaseNdlovini ngoba uma ikhiphile ayisiphoxi sdalo."
"Buka nje manje sibavinqa ngengoma asinandaba nalutho. Bona? Kumele bayidlalele phansi bezwe ukuthi utheni uDunudunu ngoba phela eyi incane ingoma laphayana."