Goto News >
Search..

Goto News
Usethathe Ezebhova uBig Zulu

Ulahlekile ushuni kuBafana bakaMgqumeni. Lezi zinsizwa zimemezele ukuthi zizodedela icwecwe elilodwa elisha kodwa okungelona elikaMaskandi.


Uzokhumbula ukuthi le nsizwa yeHip Hop ike yayithatha Imfezemnyama kwaze kwaba sengathi iyashiya emculweni kaMskandi, okuthe noma ibuya ayangabe isashaya uMaskandi onesigqi eyaduma ngawo ifika emculweni.

Nokho wakuphika lokho uBig Zulu wathi akamshiyisanga uMaksansi uPhumalni odume ngeleMfezemnyama. Baze bakhipha ingoma ethi umakaboy enesigqi sikaMaskandi.


Kulokhu lo mculi usethathe Abafana bakaMgqumeni wabashayisa yona njalo iHip Hop. Lesi isikhathi esimnandi kakhulu endimeni kaMaskandi. Abaculi bayakhipha left, right and center kodwa Ezebhova zimemezela ukukhipha eleHip Hop.


"Isikhathi senjabulo lesi, festive season isifikile." Kusho Abafana bakaMgqumeni. "Egameni lomculo nathi sithi asinethulele nansi single track yengoma ezotholakala kuma digital stores.


Lapha sigijima noBig Zulu noFrans CEO. Besithi asisabalale sicikoze sithi ukuphuma kancane emculweni kaMaskandi sizihlole amakhono esinawo endimeni yomculo wonkana.


Sikholwa ukuthi uma ungumculi akumele ube stereo type. Sicela niyithokozele. Nizoyithola phakathi nesonto. Sizonazisa uma isitholakala. Amen." Kuphetha Abafana bakaMgqumeni.