Goto News >
Search..

Goto News
Sphuzo | “Ukhozi lungibambe ngophondo”

Sesiside kakhulu isikhathi eyihambisile ingoma yakhe oKhozini FM uSphuzo sabantwana. Le nsizwa eyaduma kakhulu ngamavideo avele atrenda kuma social network, yathatha isinqumo sokungena estudio iyokwenzela  abathandi bomculo i-album.


Zikhona izingoma zakhe ziyatholakala nakuma downloads. Ukhulume nabezindaba wazwakalisa ukukhathazeka kwakhe emoyeni njengoba elokhu ahambisa ingoma kodwa ingakaze izwakale emoyeni esteshini esikhulu kuleli.

"Uyayazi pain yokuthi uyazihambela ungazelel lutho uvele uhlangane nomuntu akubuze ukuthi kanti ingoma yakho iyodlalwa nini oKhozini FM ungaphethe mvubu." Kusho uSphuzo.


"Bafwethu nami angazi ngifana nani ngisalindile. Asihlaleni sonke emlindelweni ngoba ngakwenza konke okwakumele ngikwenze ukuze izodlalwa nayo njengezinye ezidlalwayo.


Nginethemba lokuthi ngolunye lwezinsuku nizoyizwa ingoma yami idlalwa noma kuSigiyangengoma ngoba phela ngicula uMaskandi. Mhlawumbe ukube ngicula omunye umculo ngabe angididekile.


Sengisholo ukuthi ke uma ufisa ukwazi ukuthi ingoma kaSphuzo izodlalwa nini, cha nami angazi bafwethu kodwa okwakumele ngikwenze ngakwenza. Ngawuthumela ngendlela eyiyona umculo wami, yingakho nginethemba lokuthi uyodlalwa nawo ngelinye ilanga." Kubeka uSphuzo.