AKADEDELANGA lutho okhulumela i-Economic Freedom Fighters (EFF) ebuzwa ngomhlangano wetiye phakathi kwalowo owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma nomengameli we-EFF uMnuz Julius Malema ngoLwesihlanu. Ephekwa ngemibuzo ngaphandle kwesithabathaba somuzi kaZuma oseNkandla, uMnuz Vuyani Pambo uhlale odabeni lwetiye wangasuka kulo ebuzwa ukuthi bekukhulunywa ngani kulo mhlangano obuhanjelwe ngisho u-Adv Dali Mpofu noMnuz Tony Yengeni.
“Umhlangano uhambe kahle kakhulu. Itiye belimnandi, lishisa njengoba nazi. Niyazi ke ukuthi ukushisa kwetiye kusho ukuthi kumele uthathe isikhathi sakho uma uliphuza....kodwa nje uhambe kahle umhlangano kalowo owayengumengameli nomholi we-EFF,” kusho uPambo.
Ebuzwa ukuthi ubezokwenzani uMpofu kulo mhlangano uPambo uthe ubephelezela nje kuphela kodwa wanqaba ukuphawula ngokuba khona kukaYengeni. “Bekuhlangenwe ngetiye nje akukho okunye. Njengabantu abamnyama niyazi ukuthi asidinge sizathu sokuhlangana siziphuzele itiye,” kuqhuba uPambo.
Kube nemibiko engaqinisekisiwe yokuthi uMalema uzodingida udaba lokungaveli kukaZuma kwikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana. Ebuzwa ukuthi ngabe usezovela yini kwikhomishini ngemuva kwalo mhlangano uPambo uthe akakhulumeli uZuma, uzophendula imibuzo ethinta i-EFF nomholi wayo kuphela.