Goto News >
Search..

Goto News
Ziyenzeka mhlaka 27 kuMaskandi

Kuzobe konakele ngomhlaka 27 njengoba amaningi amaciko kaMaskandi ethembise ukuthi azokhipha amacwecwe amasha. Indaba iqalwe uKhuzani umfoka Mpungose owamemezela ukuthi lolu kuzoba iKhuzani.


Akumthathanga skhathi lowo owaphuphisa igolden hour ukumemezela naye athi ngosuku olufanayo naye uzodedela eyakhe. Khona manjalo kwamemezela uDLubheke ukuthi eyakhe yena izophuma mhlaka 20, gwiqiqi washintsha wathi 27.

Kubhekwe ngabomvu izimbangi ezimbili kule ndima yomculo okuyiGcokama elisha kanye noKhuzani. Lezi nsizwa zithembise ukuthi angeke zibaphoxe abathandi bomculo wazo ngoba inkulu kakhulu ingoma ebeziyicabanga ngesikhathi selockdown zihleli ezindlini.


Abathandi bomculo balindele lukhulu kwazise izinga lathanda ukwehla kakhulu ngonyaka odlule ikakhulukazi kuMthandeni. 


"Ngiza nengoma enkulu kakhulu kulo December." Kusho Igcokama. "Ngizokhipha ngaphansi kwenye yama album yami eyaziwa ngokuthi Indlabeyiphika. Ngifuna ukuwuvala lo December kuthule kuthi thaqa ngoba vele lo Maskandi usungami manje."


Enye insizwa ebhekwe ngabomvu engakaze idumaze uma isithe yangena estudio uDlubheke umfoka Nondindwa. Le nsizwa imemezele ukuthi ayifuni ukuvela kuqala kodwa izodedela kanye nezinye izinsizwa kuvele kube njalo mhlaka 27 November 2020.