Umtalabho ongaka ngawugcina kwagogo Ezola. Kumanje abayifisi indaba Abafana bakaMgqumeni njengoba bebizwa ngama 'Two Idiots' nje. Le nsizwa esencane kodwa ekhombisa elimangazayo ikhono ivele yalibhula straight ihawu lakhala phezulu ikhanda.
Wayisho sakudlala le ndaba wathi kulo nyaka zizokhala vele. Besamangele abantu bezibuza ukuthi elikabani lelikhanda elizolala lithotshwa amanxeba kwavele kwavela obekufihliwe.
"Mina ngibuze nje ukuthi kusho ukuthini ukugqoka ibhulukwe elinemibala emibili. Brentwood wethu lona ngeke sithule nje sibuke uma kukhona esingakuboni kahle kwenziwa kuwona." Kusho uNavigator umfoka Gcwensa.
Uyiphendulile leyo ncwadi uNdlemnyama umfoka Mseleku wathi ayi wemfana kaGcwensa ungavami ukudlalela ezitsheni ezifayo ngoba uyogcina ukhohlwa ukuzinaka wena nekusasa lakho ulibale ukujaha utalagu into ongasoze wayithola.
"Thina njengamaciko siyaye sithi uma sishaya ingoma bese senza sure ukuthi nesithombe noma icover photo yakhona ihambisana nesihloko. Kuleya album esayikhipha eyayithi 'Racism Must Fall' safaka ubrentwood onombala omnyama nompofu.
Inhloso yalokho kwakungukubonisa abantu ukuthi umuntu omnyama nomhlophe bangabantu nabo banegazi. So ngaleyo ndlela sasithi akubekhona ukuzwana phakathi kwezinhlanga zonke esinazo ngoba sonke singabaka Nkulunkulu." Kusho uSlevu.