Goto News >
Search..

Goto News
Espotini kwaMama uyangichaza phesheya

Ukukhothama kweNkosi yomama kwelaBelungu e-UK kuyiphazamisile kakhulu inkosi yoMaskandi uKhuzani umfoka Mpungose. Nakuba kunjalo le nsizwa yazise isizwe sonke sikaMthaniya ukuthi ngeke ingalubhadi eNgilande ngenxa yalesi sehlo, isingamane iyodlala esipotini okungocono.

"Nakuba kusinda kwehlela kodwa njengeNkosi yoMaskandi ebusayo ngisazosimela isizwe sami phesheya kwezilwandle. Ukuthi ngizobe ngigijima bukhoma espotini ngikushaya indiva. Yebo kungiphazamisile ukuhoxiswa komcimbi omkhulu ebengibizwe kuwona kodwa akunani ngoba ngizoya khona phesheya." Kubeka uhuzani Indlamlenze umfoka Mpungose.