Goto News >
Search..

Goto News
Uzama amavoti ngoNjoko

Kuyihambela kahle kakhulu mfezemnyama emncintiswaneni weSing With Mamelodi Sundowns. Lo mculi kaMaskandi udlulele phambili emzuliswaneni olandelayo nalapho abheke khona ukuthi ahlabane nezindodla zemali.


Ususe udweshu lwangaphakathi oluthinta yena noNjoko ngoba efuna udumo lwesikhashana oluzomenza anakwe ukuze avotelwe. Kumanje kumanzi phansi phakathi kwalezi zinsizwa zombili kuswelakele ozogadla kuqala.

Indaba ingomculi weHip Hop odume kakhulu kuleya ndima ngegama elithi Intaba yaseDubai. UNjoko uposte lo mculi ekhasini lakhe emfisela okuhle nokumhlophe wathinteka uPhumlani.


Ubuze umbuzo mbumbulu wathi kuNjoko kanti usengumculi yini naye. Akuhlalanga neze kahle lokho kuNjoko njengoba ephendule ngomtalabho, kwaba isukile.


Imfezemnyama iposte umdlwane osuthi omubi nje yakhuluma amaganayana aziswana ikhuluma kabi kakhulu ngengalo kaNjoko akayigodlile njengoba sazi sonke ukuthi waba sengozini yemoto, nala akaphuma khona ngonkosi sikelela.


"Iyaxaka indaba yengalo kalowo ngoba uma eyokwenza umkhuba nezingane zababntu uyawuqaqa ukhonkolo." Kusho Imfezi isukela uNjoko. Uphendule ngokuthi ukube akagodlile ingalo ngabe udedela impama kuvele kube kanye uNjoko.


"Okubi ukuthi sisukelwa abantu esabafica emculweni saduma sabedlula. Kumanje basukelana nathi ngenhloso yokufinyelela la esesikhona ngokwempilo. Ukube angilimele ngabe ngishaya umfana ngempama." Kusho uNjoko odume ngeleHobosha.