Baswele izimpendulo abathandi bomculo. Lo mbuzo uvele kwenye insizwa egama layo linguSiyabonga umfoka Malimela, kwaba uyinyathele msileni nyamazane. "Cha mina angilwi ngiyabuza ngoba ngididekile ngempela, ungcwaba nini umshwayilense kaKhuzani?." Kubuza umfoka Malimela.
REEAD: Ufake iloli ehlathini ngenxa yendlwabu
"Impela nami ngiyafisa ukwazi uma kukhona oseke wezwa kuthiwa usuke wangcwaba ngakubo noma kubo angazise ngoba ngiyafisa khona ukujoyina kodwa ngazitshela ukuthi ngojoyina mhla ngezwa kuthiwa usuke wangcwaba noma kanye nje. Okwamanje ngisawubona ufana ncamashi noclientele, bazidlela izimali zabantu nje kodwa ngeke uzwe kuthiwa sebengcwabile noma kowodwa ke umndeni. Besho phela uma bengcwaba izigwili kuphela singazixaki thina esizidlela imbuya ngothi." Kubeka uMthokozisi.
READ: Kubhuntshe amalobolo kowaqoma kufacebook
"Lowo mbuzo kuyaye kube kuhle uma uzobuzwa umuntu ojoyinile noseke washonelwa. Ngicela umfoka Malimela angitshele ukuthi ujoyinile yini or ukhona yini umuntu ojoyinile akamaziyo akaseke washonelwa awangafika lo mshwayilense." Kubuza uNokulunga Ngema.
"Neconstruction yakhe esake sezwa ekhuluma ngayo kudala kabi ayikaze yakhe ngisho ithoyilethe. Saphinda satshelwa ngezinto zokuqinisa izinduku sazizama azisebenzi. Sekukaningi nje kudlalwa ngathi kule ndima yomculo.
Futhi khona uMgodi ngathi useqedile ngezingane zabantu ezibhayizayo. Asethembe kodwa ukuthi bakhona abaseke bashonelwa wafika lomasingcwabisane ngoba phela baningi abantu abashonayo futhi ngoba kunecorona nje." Kusho uVuyani umfoka Mhlongo.
READ: Uzikhiphile eMabhinceni uSphesihle Zulu
"Inkinga yethu thina bendlu emnyama iyona leyoke. Uma omunye umuntu eziqalela ibhizinisi siyamhleka sisho lokhuya nalokhuyana. Yingakho soze sife sisebenzela ezinye izizwe.
"Uyazama loya muntu. Ubamba ngapha nangapha ngoba ezama ukuphumelela kodwa thina asibukeli kuyena sizame nathi ukuthi sisabalalise imqondo senze okuthi akufane. Kunalokho siyamhleka sibuze imibuzo efana nalona." Kusho uSolwazi.
"Mina ngangizwe kuthiwa iCOVET not imoshali. Okusho ukuthi ayingcwabi kodwa ikhipha imali isize lowo oshonelwe. Ngeke kodwa ngande kakhulu ngoba akekho nami engimaziyo ojoyinile engingezwa kahle kuyena ukuthi useke wathola yini. Maningi vele wona amapokloza esesizwile ngawo kule ndima yomculo maqede kuphele kanjalo. Elinye lawo isim card kaMthandeni eytatrenda 5 days kuphela kwaphela ngayo." Kusho uNtoyakhe.