Goto News >
Search..

Goto News
Uthi kungcono ekhaya eMdletsheni

Akungcon' ekhaya? Kungcono ekhaya lenyukile iholo. Isho kanje le nsizwa ibuzwa ngesimo sempilo kanjalo nesimo somnotho. Uthi kubukeka sengathi kusazoba mnandi kakhulu njengoba nezwe lizovulwa nje abaculi bekwazi ukuyodlalela abantu emcimbini. "Kulapho engiyoviliyela khona ngikhombise abantu ikhono lami engaliphiwa umdlali. Siyacela impela ukuthi umengameli azikhulule manje ngoba kuningi esifuna kwenzeke kulo nyaka eMdletsheni okuzojabulisa abantu." 


Injabulo ibhalwe emehlweni kumnumzane Scelo Tekisi Ntetha. Le nsizwa yadalule isizathu esamenza wathatha isinqumo sokulaxaza umqashi wakhe obeseneminyaka elishumi nanye emgidela uKhuzani Mpungose, wayojoyina imbangi yakhe Igcokama elisha.

Ukhulume nabezindaba okokuqala emveni kokushiya eMandaba wayobhalisa ezweni lengezo eMdletsheni. Uzisholo yena wathi waxoshwa indlala eMandaba. Kodwa uthe akukho ngxabano ekhona phakathi kwakhe nomnumzane Khuzani Mpungose. "Wangivumela ngenhliziyo yakhe emhlophe uma ngicela ukuyobheka amadlelo aluhlaza." Kuchaza uTekisi.


Ebuzwa ngesimo sendlala eMdletsheni uthe liyamthokozisa kakhulu iholo akalithola kumnumzane Mthandeni Manqele. "Ngiyabonga kakhulu indlela engamukeleke kahle ngayo eMdletsheni. Ngibonga angiqedi nakubalandeli beGcokama elisha indlela abakhombise uthando ngakhona. Ngijabulile kakhulu ngendlela engiholelwa ngayo. Lizoke lithi ukubaleka nekati eziko"